Bible

Simplify

Your Church Tech & Streamline Your Worship

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

2 Chronicles 10

:
Zulu - 2020
1 URehobhowamu waya eShekemi, ngokuba wonke u-Israyeli wayeye lapho eShekemi ukuba ambeke, abe yinkosi.
2 Kwathi ukuba uJerobhowamu, indodana kaNebhathi owayebalekele eGibhithe ngenxa yokwesaba inkosi uSolomoni, akuzwe lokho, wabuya eGibhithe.
3 Bathumela bambiza, uJerobhowamu naye wonke u-Israyeli beza kuRehobhowamu, bakhuluma naye, bathi:
4 “Uyihlo wenza ijoka lethu laba nzima, manje siyakucela ukuba wena uwenze lula umsebenzi olukhuni uyihlo ayesethwese wona, nejoka lakhe elinzima ayelibeke phezu kwethu, siyokukhonza uma wenze kanjalo.”
5 Wathi kubo: “Hambani kuthi emva kwezinsuku ezintathu nibuye nize kimi.” Basuka-ke abantu.
6 Inkosi uRehobhowamu yacela iseluleko ezingwevini ezazikade zeluleka uSolomoni, uyise, esaphila, yathi: “Nina ningeluleka ukuba ngibuyisele impendulo ethini kulaba bantu na?”
7 Zakhuluma kuye, zathi: “Uma namuhla uzokuba yinceku yalaba bantu, ubakhonze, ukhulume amazwi amahle lapho ubaphendula, bayokuba yizinceku zakho zonke izinsuku zabo.”
8 Kepha akasishayanga mkhuba iseluleko sezingwevu ezazimeluleke ngaso, wayesecela iseluleko ezinsizweni ezaziyintanga yakhe, ezaziwa zivuka naye.
9 Wathi kuzo: “Nina ningeluleka ukuba ngibuyisele mpenduloni kulaba bantu abakhulume kimi ngokuthi: ‘Yenza lula ijoka uyihlo alibeka phezu kwethu,’ na?”
10 Izinsizwa ezingontanga yakhe zathi kuye: “Uyothi kulaba bantu abakhulume kuwe, bathi: ‘Uyihlo walenza laba nzima ijoka lethu, kepha wena lenze libe lula kithina,’ uyokhuluma kanje kubo: ‘Ucikicane wami mkhulu kunokhalo lukababa.
11 Ubaba wanethwesa ijoka elinzima, mina-ke ngizothasisela ejokeni lenu. Ubaba wanishaya ngeziswebhu, kodwa mina ngizonishaya ngofezela.’
12 UJerobhowami nabo bonke abantu bafika kuRehobhowamu ngosuku lwesithathu, njengalokhu yayishilo inkosi, yathi: “Buyani kimi ngosuku lwesithathu.”
13 Inkosi yabaphendula kanzima abantu, yasishaya indiva iseluleko izingwevu ezazimeluleke ngaso.
14 Yakhuluma kubo njengokwelulekwa yizinsizwa, yathi: “Ubaba wayenethwese ijoka elinzima, mina-ke ngizothasisela ejokeni lenu; ubaba wanishaya ngeziswebhu, mina ngizonishaya ngofezela.”
15 Inkosi ayibalalelanga abantu, ngokuba lokho kwakuvela kuSimakade, ukuze uSimakade agcwalise izwi alikhuluma ngomlomo ka-Ahiya waseShilo kuJerobhowamu, indodana kaNebhathi.
16 Wonke u-Israyeli lapho ebona ukuthi inkosi ayibalalelanga, abantu bayiphendula inkosi, bathi: “Sinasabelo sini kuDavide na? Asinafa endodaneni kaJese. Israyeli, buyela emathendeni akho, zibhekele indlu yakho manje, Davide.” U-Israyeli wabuyela emathendeni akhe.
17 Kepha uRehobhowamu wabusa phezu kwabo bonke abantu bakwa-Israyeli ababakhe emizini yakwaJuda.
18 Inkosi uRehobhowamu yathuma u-Adoramu owayengamele izisebenzi ku-Israyeli. Kepha u-Israyeli wonke wamkhanda ngamatshe, wafa. Inkosi uRehobhowamu yashesha yagibela enqoleni yayo, yabaleka eJerusalema.
19 U-Israyeli wayihlubuka indlu kaDavide kuze kube yinamuhla.